Goto News >
Search..

Goto News
Igxekwe nawusathane ingoma kaMdumazi

Ayinasigqi sdalo ingoma kaMdumazi Igeza lendalo Mhlongo akayikhele iValentine's day. Abathandi bomculo bashiye abangalazi kule nsizwa bathi kungcono ekhaya kwesikaThuthani ngoba kudlalwe ngaye kakhulu la akakhiphe khona le single track.


"Kuvele kuhaze nje ngathi uberecorder ngemobicel. Yazi ne-iphone yakhe ingenza okungcono kakhulu kunalento akasilalelisa yona. Ukube ubevele wayeka uma engakhoni ukungena estudio sangampela ngoba phela ayikho leyanto." Kugxeka uThembelani.

"Zaze zaningi izindawo zokuqopha. Anoke nimzwise izingoma zikaNgiga Ndlovu ezikhishwe eMabhozeni records. Kukhona neseMfezemnyama. Ziningi izindawo kodwa yena ukhethe ukuyohazisa le eMashingeni kanti kudlalwa ngaye.


Bese ezophoxa igama likaMgqumeni ezibize ngeBhova elincane. Akaze likhiphe into eluhlaza kanje Ibhova. Kuzomele ashintshe ukwenza ngoba ayikho lento yakhe. Ubona noThuthani ezenzela nje la kuye yingoba uyabona vele ukuthi akalutho ngaphandle kwakhe. Ngibonge ithuba."