UNgizwe Mchunu usho kanje kulandela ukuthi abaculi bokholo bemncofe ekhasini likaFacebook lenyanga ebibaqashile izolo. UJumbo, Ayanda Ntanzi noThinah Zungu babonakale ekhasini lale nyanga begibele unyanyavu lwemoto. UNgizwe uthe uyasola laba baculi bagajwe yinjabulo yale moto baze bazwakala sebezincengela ngegama lakhe kuKhehlelezi.
READ: Umshado ijele by Amabunjwa
Kuzokhumbuleka ukuthi izolo laba baculi babonakale belingisela uNgizwe u-Ayanda waze wathi ngokwezinga lakhe angamqasha uNgizwe azosakaza emingaphandle kwalolu nyanyavu lwemoto. UJumbo belokhu emlungisele njalo uNgizwe nangamatemu akhe, uThinah ubeluma ephephetha njengegundani ephawula sakumkhulumela uNgizwe.
Akazange anabukelise uNgizwe uthe uthina ududwa ukuba nendlu egibele phezu kwenye esho isitezi sodumo. UJumbo umbize ngomasaka, uKhehlelezi uthe usazombamba ngokumjwayeza kabi nalaba baculi. Ubesekuqinisekisa ukuthi uKhehlelezi usazomthola, wamgxeka nangokuthi ulokhu eqasha laba baculi bese bezibona bengcono kunaye.
Khonamanjalo ukhwele wadilika kuDumi Mkokstad noMalusi Mbokazi ebebengekho kulaba baculi ebebehlekisa ngaye. Uphinde wabapikela ngoSfiso Ncwane ongasekho emhlabeni wathi akekho umculi ongafika kuye ubahlula ngisho engasekho emhlabeni.