"Anginandaba nawo wonke lomsangano ogcwele ezinkundleni zokuxhumana njengamanje. Ngiyawazi onke amaBhova. Elokuqala esabanalo endimeni Ibhova likaBadudule. Elesibili kwaba Ibhola likaDikadika. Kusukela ngo-2009 kuze kube u-2019, 10 years lowo belingakaze libekhona elinye." Kubeka uMdumazi.
READ: Lizoqoqa konke okwakubo Ibhova elincane
"Kuze kwathi ngonyaka odlule 2020 kwaqhamuka umlandeli thizeni wathi kimi uyiBhova elincane mfoka Mhlongo nami ngavuma ngoba wayebona imsebenzi nokunye engingakwazi kwanami. Okusho ukuthi Ibhova lesithathu emva kukaMgqumeni kube imina."
"Abe eselandela ke namanye njengeBhova lakoMkhwane sathula nje sabuka liphi namhlanje. Into ezitshwa imina ayinakwa kodwa engiyinakayo iyaduma. Kunotakalane waseMzimkhulu owazibiza ngeGoso ngikhona ngathula ngabuka uphi namhlanje."
"Ngizwa kuthiwa kukhona omunye umphuphe owazibiza ngoBonabenza angazi nakwazi ukuthi uphuphephi yena kumanje. Kwasuka nomunye umfana omncane wathi uvimbe ngakithi eMkhanyakude ngathula nje ngambuka kazi uphuphephi manje."
"Lokhu okuvela manje nakho okuzibiza ngeBhova elincane ngizokubuka nje ngikuzibe ngoba vele kuzoziphuphela nakho. Ngisafuna ukunaka laba abadlala isitayela sikaMdumazi kodwa bebe bengethuka. Ngeke phela uthuke ugobela wakho." Kuphetha uMdumazi ezihlekela.