Goto News >
Search..

Goto News
Uphume ngesamagundane uRamaphosa

Amabutho abekhuza iziqubulo ezikhombisa ukungahambisani namaphoyisa okukhona esithi, "kwagijima iphoyisa esangweni, liyaphi", abekhala ngokuthi ancishwe ithuba lokuyokhuleka okokugcina kwiMbube. "Ningenisa oRamaphosa kodwa nivalela thina mabutho. Nivalele ngisho izinduna namakhosi, abantu abebephila neSilo," kusho omunye obenamabutho abevunule econsa.


Amabutho agcine engenile kepha ukujabula kwawo kusheshe kwaphela. UNdunankulu waKwaZulu, Inkosi uMangosuthu Buthelezi uyalele amabutho ukuba aphume ephele esigodlweni. "Inhlonipho ibalulekile. Kufanele ningihloniphe njengoNdunankulu waKwaZulu. Ngakhuluma ngisho emsakazweni ngasho ukuthi bambalwa abantu abazovunyelwa ukungena esigodlweni ngenxa yemigomo kahulumeni elawula ukusabalala kwegciwane iCorona."

Kuphoqe ukuthi uMengameli uMnuz Cyril Ramaphosa aphume ngopotsho izolo esigodlweni ngesikhathi amabutho evale isango, esabisa ngokungena ngendlovu iyangena enkonzweni yesikhumbuzo yeSilo uGoodwill Zwelithini kaBhekuzulu. Abaqaphi bakamengameli kuphoqe ukuba bavule upotsho esigodlweni kwaKhethomthandayo ukuze bashushumbise uRamaphosa, nezinye izicukuthwane ebezisenkonzweni yesikhumbuzo.


Lokhu kwenzeke kusanda kuphela inkonzo, lapho izicukuthwane seziqala ukuphuma etendeni obekubanjelwe kulo inkonzo. Amabutho avele avuka umbhejazane asabisa ngokudlula namaphoyisa abevimbe esangweni.