Goto News >
Search..

Goto News
Uthi uyinkosi yamaBhinca…

 King Nuba insizwa yaseMzikhulu esigodini saseMtsheni, ithi izinsizwa ziyayazi khalu ngama galelo ayo amahle wokudla indwangu edulayo noma wokugqoka kahle, ithi yona iyathandwa kakhulu ngoba ayinqeni ukuchoma ngento enayo. Ithi kade yayiqala lento yayo kanti futhi yona iyiNkosi yamaBhinca, angazi noma izizwa kahle yini noma ikuqonda kahle yini lokhu ethi iyikhona noma isazothi iyadlala.


Angikaze ngizwe muntu eliphatha ngendlela engalungile leligama noma lingelona igama elidala kuyigama elisha eliqamuke emva kokuba uNgizwe exoshwe emsakazwe uKhoziFm eminyakeni emibalwa eyedlule. Leligama igama elihloniphekile ngoba lifaka  noma lithinta igama elikhulu "AMABHINCA" okuyigale lesizwe sonke sikaZulu esihlonipha isintu kanye nama siko kaNdaba.


 Ngakhoke iyodwa indoda ezibize ngeNkosi YamaBhinca akwangababikho muntu oyilwisayo noma oyihloma amazwi anohlawane ngoba sonke siwazi amagalelo ayo hhayi esizweni sikaZulu-nje kuphela kodwa eNingizimu Africa yonke jikelele.

Umacingwana uyindoda ehlale ililwela njalo ilungelo lomuntu uzibiza ngeBhinca ngoba sizokhumbula ngeminye eminyaka evinjwa omantshingelana esikhumulweni sezindiza ephuthuma phesheya ngenxa yokuthi wayephethe izinduku zakhe, akazange athathe izinduku zakhe azitshinge kodwa walwa ngayoyonke indlela ngoba enzela ukuthi kungabi khona izindawo okuzothiwa iBhinca alingeni kuzona ngenxa yezizathu ezithize ezingacacile ezweni lobabamkhulu. 


Kodwa okwalendoda mphini ethi iyona iNkosi yamaBhica ayi asikuqondi kahle ukuthi kuphumaphi ngoba naye engathi waziwa ngakubo kuphela kodwa ngelinye ilanga siyoke sivakashe ngakubo siyofuna umlando wayo. Ibuzwa ngokuthi ibakanjani yiNkosi yamaBhinca ibe isekhona enye esabusayo, iphendule yathi,"lobukhosi ngibuthole bulahlile njengobaba laba okuthiwa balahlile", ayi sekojaja abalandeli.....