Kuphambene imibono kubathandi bomculo. Wayenza indaba uStayela umfoka Khanyile wamemezela ukuthi uzodedela icwecwe elisha ngomhlaka 27 March 2021. Le nsizwa efana kakhulu neNdidane umfoka Gcwensa eyaze yanikwa uyena qobo uDiliza indondo ngoba eshaya wona ngqo ushuni wakhe, ithi ayihlosile ukuwisa Amageza amahle kodwa iqhuba isiphiwo sayo.
"Nami njengeciko ngithi angithuthikise ikhono lami engaliphiwa abakithi. Iyeza ingoma ekade ilindelwe umhlaba wonke. Lo msebenzi wami omusha ngiwukhipha ngaphansi kwe album ethi Amageza Amasha. Ngiyezwake kukhona abathi ngiwakhipha kanjani amasha esekhona amadala." Kubeka Ustayela.
"Cha ngane zakwethu thina njengamaciko asandile ngomlomo. Uma ufuna ukwazi okuningi uzokuthola ngaphakathi engomeni. Angihlose kuwisa muntu noma qembu lamuntu kodwa ngiqhuba isiphiwo sami nje kuphela sokujabulisa abantu ngengoma. Iyaphuma kusasa ngesabatha mhlaka 27 March 2021. Ngicela wonke umuntu axhase inyamazane umfana oshaya ingoma enkulu." Kuphetha uStayela.