Jaivazimike jaiva ngeMagic woza syestage, thisha wentambo, uMfokaNondindwa kwaZondimbuka phansi lekwaKhomolo, iNgiga kamahlalela ongajwayelekile ohlal'eGoli umashayimali, okuyizinkunzi zaseNquthu ezisaphilayo nezisaphusha wona umshikaka owashiywa izingqwele zaseNquthu obaba uMahawukela ingcokama likaMseleku, oMuhle Khuzwayo insizwa ezaziphusha wona umsebenzi wegcokama lakoMbovu kanye neBhova likaDikadika.
Besilindeleke ukuthi izinsizwa zizokhipha umsebenzi wazo omusha wePhasika kodwa zithule-nje iyodwa indoda ekhulumayo ile yaseMangwaneni nayo ikhomba umhlaka 27 April ngenxa yokusebenza kakhulu iyodwa kulomsebenzi ngoba phela iNtatheli kaJehova okunguSonakali isiphume ixiwa layo kanti kanjalo noMqansa uMbuyiseni umfokaMbokazi usephume inxiwa naye kodwa umsebenzi wale ndoda ubukeka sengathi uzoba muhle kakhulu njengoba sekukhona ingoma yakhe etrenda ingakaphumi eveza zona izinsizwa lezi ziyigqozela.
"Intaba ezikude zingisithela ithemba lami, zingisithela yena, noma ngilala ngimubona eseduze kwami kanti noma ngivuka ngimubona eseduze kwami ngimbone emoyizela, uleee ulee emthwalume, ule uleee useZimbabwe.....", iyona ngoma akagijima kuyo kakhuluke leyo uMaJaivana empethe inkosi yoNjiniyela okungu Thuthani Ndlovu kanye nenjula buchopho yasebunyameni okunguNgiga umfokaNdluvu oGatsheni.