Goto News >
Search..

Goto News
Ukhala nge hit song yakhe angeke athole ngisho isenti ngayo

UJaivazimnike indodana kaGalajilezifebe phansi eNquthu kwelaba shokobezi ezinze eQudeni eMsamo isigodi endaweni yase Mnqunyeni kanti intsha eMnqunyeni ibikade iseMngonyane okuyindawana eyaziwa kakhulu ngokuthi kuseNgombozini. Ize-ke lensizwa iseMnqunyeni kodwa ithe uma ifika eMnqunyeni yafika neganyana elisha kanye neqeqebana lezinsizwa bezibiza ngokuthi bawuMshukansizwa.


Lensizwa ihambe kakhulu noMgqumeni yasebenza kakhulu eqenjini elikhulu okuthiwa Osaziwayo lapho eyayi hamba khona noKhangelani DSD Mhlongo kanye noSonakali umfokaZondi phansi eMsinga okuyinsizwa ezaphuma kanyekanye emva kokwenda kweBhova.

Lensizwake idedele ivideo ezinkundleni zokuxhumana inezinye izinsizwa esebenza nazo esitudio ukuhlanganisa iAlbum ezophuma ngomhlaka 27 April yama AK47 nokiyalapho ebikade ihamba khona noSonakali umfokaZondi, uMbuyiseni Mqansa umfokaMbokazi kanye noLusanda Bhovelincane umfokaKhumala kodwa manje isisele noLusanda emva kokuba lezinsizwa ezimbili izikhiphe inxiwa ukuba zihambe ziyozimela njengoba sezikhule ngokwanele kwazise uSonakali ilokhu ayibamba kusekhona uMgqumeni kanti uMbuyiseni yena uphekwe nguye kanye uJaivazimnike.


Emva kokuba idedele lomdividiyo lensizwa yakwa Khanyeza izwakale ikhala ngokuthi ingoma yayo isiputshukile noma kukhona abayikhiphe ngokungekho emthethweni okusho ukuthi yena angeke esathola ngisho isenti ekudayiseni kwayo. Uma ungena kuma Social media njengo youtube uzobona abantu begqoza ngobuningi begqozela yona lengoma emnandi ephume ngesandlala semfene nengeke isamsiza ngalutho umnikazi wayo wangempela kodwa isizosiza lowo oye wayintshontsha wayiputshuza.