Goto News >
Search..

Goto News
Wahlukana noQuality wahamba noKhuzani

USphesihle Zulu obenganakiwe noma obenganakwe muntu kodwa manje osethanda ukuba undabuzekwayo eSouth Africa yonkana ngenxa yamagalelo akhe emculweni wesintu nawo abengakaze awucule kodwa uwucule ngoba esesondelene nomunye undabuzekwayo kuwo lomculo ukunguKhuzani mpungose.


Lentokazi yakwa Zulu isondelana noKhuzani nje kubikwa ukuthi ibesemalungiselweni omshado nenye inkosazane okuthiwa uSthembile Ntando Mkhize okusho ukuthi lo Sthembile ubezoba indoda bese uSphesihle abe umakoti, engathike uKhuzani usesolwa ngokuhliphiza lelifindo lomshado lalezintokazi ebezisemathandweni, uNtandoke yena akavelanga wathula-nje ethathelwa intombi kodwa uye wathusa intandokazi yakhe ukunguMazulu ngokuthi uzoposta zonke izithombe zabo kanye nama video abo bezithokozisa ngenkonzo yasekamelweni. Ethintwa uKhuzani akayiphendulanga ifoni, noma akathandanga ukukhuluma ngale ndaba.

Lentokazi yakwaZulu ithandana noNgqingili-nje eceleni kubikwa ukuthi ibithandana noQuality Biyela lokho kuvela kakhulu emva kokuba kuphume ingoma kaKhuzani akayicula naye uSphesihle ethi,"uhamb'echoma ekhohlisa abantu ethi unemali eningi o nami ngamuqoma, kanti udlala umona ubhuti wabantu uchoma ngezimpahla zabantu, uchoma ngezimoto zabantu".


Kubikwa ukuthi lengoma ayibhalwanga uKhuzani kodwa yabhalwa uMaZulu qobo ngenhloso yokujikijela uMfokaBiyela. Ithe uma iqeda kuphuma lengoma yamushisa kakhulu uQuality ngoba ubonakale enza ama live videos akhe ekhuluma ngokuthi amantombazane awayeke ukuqomela imali waphinda wakhuluma ngentombazane aqala ukuyibona emcimbini yamushela ngoba imuzwa enuka kahle nokuyilapho aphinde amemeza igama likaSphesihle njengoba linjalo.