Udumo lwale moto lususwe yisimemezelo sabakwaBajaj ngesikhathi beveza ukuthi njengamanje abayifunayo bangakwazi ukuyithenga ngoR65 000 (isuka kuR75 000) kanti into abantu abayithakasela kakhulu ukuthi ikhokhelwa imali ephansi ngenyanga.
ebhala ekhasini labo kuFacebook namhlanje, abakwaBajaj, okuyinkampani yase-India kodwa enehhovisi nakuleli, bathe zilokhe zingene njalo izingcingo abantu bebuza ngale moto.
“Sithola izingcingo ngapha nangapha abantu bebuza ngale moto, kwesinye isikhathi abazama ukusithinta abasitholi ngenxa yalokho. Sicela nibekezele, uma ucingo lungangeni sicela usishiyele umyalezo sizokuthinta,”