Goto News >
Search..

Goto News
Libophele izihlabani Ibhova elincane

Akusasele nsuku zatshwala bese liyaqhuma ibhomu buchitheke bugayiwe. Umincele nxanye uZandlezincane kwazise umfana weBhova uzosebenzisa igama elithi 'IBHOVA ELINCANE.' Kusindwa nongathwele njengoba sibika ukuthi icwecwe lokuqala lale nsizwa engeyesende likaMgqumeni umfoka Mashobane izophuma ngo-August kulo nyaka.


Ngokombiko weMaskandi Links, le nsizwa izosebenzela estudio sikaNgiga umfoka Ndlovu esibizwa ngokuthi kuseMabhozeni. Uzobe ehamba nezinsizwa ezidumile kule ndima, iningi lazo ezasebenza neBhova engingabala kuzona uJaiva zimnike umnikazi wengoma enkulu esigqoza ngayo, kumanje ngiyagqoza nje la awubheke awubheke awubheke.

Uzophinda asebenzisane nensizwa edume kakhulu ngelika Mqansa noNgiga umfoka Makhalibhothi odume kakhulu ehluleka ukuhlanganisa isithembu bukhona kumabonakude waze wathuka izingane wazibiza ngama 2000 wathi uyayifuxaza manje yena indaba yokuganwa abafazi abaningi engamane azithengele iBMW yakwanokusho nangempela kumanje usinamathela neh isitelingi sayo ahambe ayozidlela izingane ashaye ingoma.


Konakele kakhulu njengoba lo mfana ezophinda azomanejwa insizwa esimkantsha ubomvu ebiikade iyiGig manager yamageza amahle uBhubesi Mthembu abaningi bayamazi uma ungamazi mbuke ngamehlo engqondo awubheke nangu ubuso bakhe bufana nobebhubesi, uyena kanye ke lowo.

Bukake ngoba okuhle nomusa kuyamlandela umfana emncane kangaka kazi imali engaka uzoyidla nobani, engathi engangipha nami okuncane ngihlephulele abantabami. Uthe eqala nje ukusebenza wavele wagixabezwa icompany edayisa izimpahla zakwanokusho ukuthi abe inxusa layo. Le compnay ibizwa ngePaul and Shake clothing kanti ishaya ngestayela sayo esisha sezimpahla ezinhle ezifihla ngisho unembeza kumuntu akunethi ngisho inhliziyo uma uzigqokile. Phambili ngegama leBhova.