Goto News >
Search..

Goto News
Oneminyaka engu 27 kanye nezingane ezingu 20 akondli

Usanele Gcokamelihle Danibe odume kakhulu ngokuqondanisa ukotini emaBhinceni nocishafane noQuality Biyela, empele-nje uGcokamelihle waduma kuqala ukunoQuality ngawo ukotini, uQuality uqale ukotini ngoba elandela yena uSanele kanti uSanele yena ubukela kwiQawe lakhe uMthandeni uMfokaManqele. Iyadabukisake lento yalezinsizwa ezidume ngendwangu ngoba isikhathi eseningi kuvame ukuthi kubekhona abantu abakhalayo noma abangenelisekile neze ngezenzo zabo futhi kuvame ukuthi kube ngabantu ababaluleke kakhulu ezimpilweni zabo.


Uma uzokhumbula kahle kuke kwatrenda ikhaya lika Quality ezinkundleni zokuxhumana abantu abaningi bekhala ngokuthi alifani naye kanye nalama hhotela ahlale echoma ngawo. KusewuMthandeni kuphela ebantwini abachoma ngendwangu esingakaze sizwe zikhalo ngaye ngoba bonke abanye banamachashaza wokungondli kanye nokungabinalo ikhiya elibafanele.

Omama bezingane zikaSanele abangu 20 sebephumele obala, bakhala ngokuthi akazondli izingane zakhe zonke zowu 20. Kuputshuke ivoice note yomunye womama wezingane ekhuluma nomngani wakhe echaza amahlazo endoda yakhe enguGcokamelihle. Lo wesifazane uthi ufonelwa uCharles Khuzwayo oyintatheli yephephandaba Isolezwe emubuza ngobaba wengane yakhe, uthi lo wesifanaze uvele wageqa amagula ngezenzo zikaSanele zonke njengoba zinjalo.


Uma echaza uthi uSanele unezingane ezingu 20 bese kuthi ezimbili zokugcina enye yazo inezinyanga ezu 10 kanti leyokugcina inezinyanga ezimbili umama wayo iNdiya. Lowesifane obekhala ngoSanele, ilo ongumama walengane esesithombeni le okuhlale kuchonywa ngayo kanti futhi yondliwa ugogo wayo ngoba phela nomama wayo usafunda isikole, uma esephetha uphethe ngokuthi yena akasathandani noSanele usethandana noJaivazimnike nokuwuyena uJaivazimnike akumunike igunya lokuthi angafihli ukuthi usethandana naye....