Goto News >
Search..

Goto News
Uthuke uMsakazi wathi uyamudakelwa kwiTV uKing Nuba

UYamkela Ndabenhle Nuba insizwa esencane kakhulu ngoba ithi ineminyaka engu 13 kanti idabuka eMzimkhulu esigodini saseMatsheni nebikade ibhizi kakhulu-ke ngelanga langezi 21 April ngoba ekuseni ngo 4 yayisisohlelweni olukhulu eMsakazweni iVuma103Fm olushayelwa uProfesa  Khehlelezi ehamba neNkosi yamaBhinca uNgizwenkosi Mlando Mchunu nokuyilapho ebekushube khona kakhulu kubangwa ubukhosi bamaBhinca.


UNubake insizwa ethi yona idla indwangu ngoba izimpahla zayo ithi izithenga phesheya kwezilwandle yona okwayo-nje ukuthumela usayizi-nje pheshaya ebese eyalinda. Ithike lensizwa eneminyaka engu 13 ayisifuni nalapho esihambakhona isikole yona izithandela amabhizinisi-nje kuphela kodwa iyaya esikoleni uma ibhorekile kuphela. 

"Ngicela ukusho nje msakazi ukuthi uyangidakelwa, ngixolise nakwiNceku uJumbo kodwa Msakazi uyangidakelwa" kusho uNuba ebuzwa ukuthi uqalenini ukucula, uyaqubeka bandla umsakazi uyabuza, "ngisho ukuthi uqalenini ukuzibona ukuthi unekhono lokucula?" kwavele kwanhlanga zimuka nomoya ngoba uNuba uvele wama kwelokuthi "uyangidakelwa", lomsakazi obenebhadike lokuthukwa uNuba umsakazi weBlaq Life TV uStufuza Dlangamandla...