UNgizwe wabonakala ehola iqeqebana leButho emshadweni kaMampintsha noBabes wodumo nokuyilapho akalahlekelwa khona ibheshu lakhe asole ukuthi lantshontshwa uMampintsha yena kanye lo owayeshadelwa, "Ungazongidakelwa wena mina ngangisiza abantu bengicelile, izishiphi zenkosi ishadelwa inja uyabona, manje kwakufanele ngenzenjani mina, uyazi lezizinto kumanje lelibheshu leli lilahlekile alikho nhlobo ngiyalifuna kuMampintsha", kukhala ichunu ngebheshu lalo nelikholelwa ukuthi lantshontshwa uMampintsha.
"Ngilimele emoyeni into ongakaze uyibone, uMampintsha noBabes banele baqeda ukushada bahamba nalo, ngiyalifuna ibheshu lami, njengoba endlunkulu sifuneka nje izwe linjena, izwe lidunguzela", uNgizwe ekhala ngohambo okwakufanele aluthathe abheke endlunkulu njengoba uMama uNdlunkulu endili. UNgizwe ukhala kangaka nje ngebheshu lakhe kuqeda kusuka inxabano phakathi kwakhe noGezani insizwa esebenza ukuDividiya abaculi kanye nokuthwebula izithombe emva kokuba lensizwa imudelelile uNgizwe ngemvunulo yakhe.
Lensizwa yathi kuNgizwe unemvunulo eyodwa njengoba wayelokhu ebonakala kwaKhethomthandayo egqoke imvunulo eyodwa usuku nosuku, abaningi bacabanga ukuthi uGezani uyamusukela uNgizwe kodwa manje sekubukeka sengathi yayiqinisile lensizwa enguGeh ngoba indlela akakhale ngayo uNgizwe emva kokulahlekelwa ibheshu lakhe ikhomba khona ukuthi iChunu alinalo elinye kwazise phela nesimo salo iChunu asisihle neze ilandi alivuki selokhu kwaphela umsebenzi oKhozini Fm.