Isiphinde yagubezelwa ifu elimnyama indima yomculo wesintu uMaskandi. Lokhu kuza ngemumva kombiko osuka kuThokozani uSOmnandi umfoka Langa obikele leli khasi ukuthi le nsizwa isidlulile emhlabeni. Besingakaziwa isizathu sokudlulwa kukaMajotha ngoba umndeni ubusafihlile.
"Mfana wami ngiqala ukukwazi ngakwazi e studio sino Thuthani Ndlovu kade ngithole ucingo oluvela kubhuti wakho ukuthi kunomfana wakubo ozokwenza i album yakhe ufisa ukucula nami igama lakhe u Majotha,ngingakwazi kunjalo ngashaya imoto sabheka Egoli uma ngicabanga ngangihamba nomfwethu engisebenzisana naye u Thami Cishezimnike Madondo sisuka Olundi" Kubeka uThokozani Langa.
"Sasihamba sibuzana endleleni ukuthi ubani yena lomfana u Majotha kanti ngizothi uma ngilalela izingoma osuzenzile ngizwe unqambothi lwephimbo,awuuuu ngaze ngabuhlungu,bafwethu lokhu engikwenza lana ngigunyazwe umndeni wakwa Zungu ukuthi ngikumemezele ngomfwethu u Majotha Zungu ongasekho emhlabeni... RIP JOTHAS" Kuphetha umfoka Langa.