Goto News >
Search..

Goto News
Kunconywa Igcokama ngokunikela buthule

"Mhleli ngithi angisike elijikayo ngesenzo senkunzi yethu Igcokama likaMaShandu ngokunikela ngaphandle kwabathwebuli. UMthandeni ubambe uFront Page ngokwenza kahle. Zolo lokhu bengincoma lento yakhe yokunikela bese angashuthi, nantoke iphepha selifakaza lithi uMthandeni ufikile ukuzobeka uzakwabo uMajotha endaweni yokugcina maqede washiya insavunsavu yemali as umnikelo wahamba. Okumnandi ukuthi akuyena uSk otshele leliphepha ukuthi unikelile futhi kwasthombe sakhe enikela asikho kubanjaloke uma into uyenze ngothando olusuka enhliziyweni yakho hhay ngokufuna udumo ngesifo. Kodwake angikho lapho."

"Abanye bayadideka ukuthi leshloko salendaba sibhekise kubani ngempela? Cha bafwethu isihloko sikhuluma ngoSgwebo kanye neMeya akade bejikijelana ngamagama emngwabeni bepiklelana ngomnikelo owakhishwa uKhuzani. UMthandeni akahlangene neshloko salendaba, inhloso yokuthi befake isthombe sakhe ukuthi bafuna ukdayisa iphepha ngegama likaMthandeni."


"Ngale kokudlala kodwa uma uhlakaniphile nomqondo wakho usebenza kahle uzongivumela ukuthi besingekho isdingo salenkulumo kaSgwebo laphana emngcwabeni. Akusibo ubunsizwa lobuyana bafwethu, kuhlukene ukuba yinsizwa nokuba yisxhwanguxhwangu. Nasuke namncoma. Kuyimanje ephepheni akushiwo ukuthi "USgwebo upiklele iMeya ngomnikelo."

"Kodwa kuthiwa abaculi bakamaskandi bapiklelanile okuyinto engcolisa igama lomculo wethu lena. Angeke aphinde athathwe serious amaciko akithi ngoba nincoma nokungafanele futhi lento yaSgwebo ay angaz angaz kuye kuthiwe into oyenza emngcwabeni uyadlulela ukuyenzeni." By Samkelo Shandu.