Goto News >
Search..

Goto News
EFF ikhankasa ngamaBhinca

Uboyiphosela umgqakazo uma ufuna ukuyibamba ngaphandle kokuyijaha. Sekuhlaluke kwaba sobala ukuthi iqembu le-EFF liyabona ukuthi uma lingasondeza abantu babantu eduzane lingahlomula esizweni samaBhinca.


Ayikaziwa inhloso yomhlangano obuphakathi konobhala jikelele waleli qembu uMashall Dlamini kanye neGcokama elisha noNgizwe Mchunu obusemahhovisi amakhulu aleli qembu.

Leli qembu lethule Igcokama elisha lathi Inkosi yoMaskandi kanti uNgizwe bamethule njengenkosi yamaBhinca. "Izozabalaza i-EFF ize icishe iwine maqede lo womqhele athi uyena. Anombhasobha lowobhuti wesizwe sakwa-EFF uthanda kabi ukuziqhakambisa nala kungafanele khona." Kubeka uPrince Qwabe ngezwi likaKhuzani.