"Angithi njengoba ungifonela nje weqawe angithi uyazi ukuthi ngahambisa uR15 000 angithi? Umbuzo wamike, wazi kanjani ukuthi ngahambisa uR15 000? Njengoba ubone ezinkundleni zokuxhumana nje ingakhoke nami ngisemusakazweni njengamanje, why izinto ezinhle kufanele zifihlwe kodwa ezimbi azifihlwa zibhalwa left and right emaphepheni? Kukuphi la khona thina abantu bakithi beyosazi ukuthi siyazenza izinto ezinhle? Kungani abantu kufanele bephatheke kabi uma kuvezwa into enhle as thina kufanele kuhlale kuvezwa izinto ezimbi ngathi?".
"I think its unfair, I am a public figure and I will always be a public figure, everything I do is made to be shown to the community because yonke into engiyenzayo ngiyenza public angifihli, uma kungathiwa namhlanje ngiyashada kuzokwazi wonke umuntu, uma kungathiwa namhlanje uKhuzani ubonakale engena ejele kuzokwazi wonke umuntu, ezinhle ezimbi kumele ziye emphakathini ngoba siphilela bona abantu, remember ukuthi kunomntwana osesikoleni njengamanje engiyi role model yakhe othi nami ngifuna ukukhula ngifane noKhuzani so what ever engiyenzayo uzoyithatha njengoba injalo ayenze, umangabe kuzovela izinto ezimbi emphakathi ezinhle singazivezi sizokwakha isizukulwane esibi".
"Kunabantu ababulala abantu namhlanje ababebukela kwabanye ababebulala abantu, thina sizokwakha isizwe esizokwazi ukuthi lapha emhlabeni izandla ziyagezana". Ebuzwa uKhuza ukuthi laba abanye abanikelile kungani bengazithathanga izithombe beyozifaka ezinkundleni zokuxhumana uphendule wathi,"Bayazenyeza, vele kuyihlazo ukuthi kuvele uR15 000 kuvele uR500 kuvele uR100, so mina lokhu engikwenzile akulona ihlazo, so asazi ngisho nokuthi basizile ngoba thina asikubonanga lokho futhi asinabo ubufakazi njengoba nabo bengenabo nje".
"Futhi okokuqala into abantu abangayazi, akusimina engangiphethe uhlelo lokushutha emndenini wakwa Zungu, kuqale umuntu wakaZungu siphakathi endlini ngikhipha isheke sibakhombisa, kwakhuluma umama owayehleli emseleni wathi akaboni ukuthi kungaba into enhle ukuthi ashuthele layindlini kukhona namakhandlela, wacela ukuthi kuphunyelwe phandle kushuthelwe khona ngoba asizenyezi ngalokhu enikulethe layikhaya, even nasezinkundleni zokuxhumana ayifakangwa yimi kodwa kwaqala umuntu womndeni mina ngabe sengilandela ngemumva".
"Kade sishonelwe ilanga zolo lokhu, wonke umuntu obefika kwaKhethomthandayo besazi ukuthi ubani ufike nani, ubani wafika nani, kusha lokhu esikubonayo kokuthi ngoba sekushuthe ingane yaseNkandla ingane kaMaNgema sekuyicala, bane phutha". Kanti ibuzwa lensizwa ngokuthi uma iKhuzani Furniral Plan kukhona ebasizayo iyophinda yini ishuthe, uphendule wathi usezokwenza lokhu okushiwo abantu ngoba sekufanele ukuthi alalele bona laba abanomona ukuthi bathini.....