USboniso Gwala insizwa edabuka kwaMaphumulo eMabomvini esigodini saseNdukende esizinze eThekwini eMhlanga kodwa ngokokusebenza ise Durban Center idume kakhulu ngelika Dr Bhodlumlilo kanti isizakhele elikhulu igama ngokusiza abantu abahluphekile ngayoyonke indlela ngoba uma ugula noma ugulelwa iyakusiza, noma ufuna inhlahla iyakwazi ukukusiza empeleni-nje isiza wonke umuntu ohluphekile lensizwa kanti iphinde ihlole noma ikubhulele live efonini iphinde iphathe nesibuko uma ufuna ukuzibukela ifilimu ngezinkinga zakho iyakukhombisa.
Lensizwake enguDr Bhodlumlilo isanda kukhipha noma kuveza ividio yayo yendlale imali yayo phansi izichomela nje ngamandla ayo kanti levidio iyiveze ngoGezani odume kakhulu ngokwenza amafilimu abaculi bakaMaskandi nokuthe uma ivela uNavigator beno QueenLolly bavele bakwela badilika kulenyanga enkulu kangaka kanti uNavigator akayiqali lento yokudelela izinyanga ezidumile ngoba waqala ngo3seconds wamehla wamehla ngezinhlamba, kuyacaca ukuthi yena uyayethemba le yakhe akayihambayo kanti abaningi basola ukuthi uhamba uProfesa Khehlelezi nokuyena owaziwa ngenyanga enkulu ukunazo zonke ezikhona njengamanje.
Queenlolly, "Usho yiphi inyanga?".
Navigator, "uBhodlumlilo, elinye ivukane nje, umfana uhlulwa ukuyofesa manje usebona ukuthi akazibize ngenyanga, ngimubone ekhihliza oR2 noR10 laphayana imali yokuthenga o anyanisi".
Queenlolly, "Usho lo okade ekhihliza oR20 phansi?".
Navigator,"Angazi ngibone ividio kuGezani, nendlu ahlala kuyona ayinaluthi nje engathi ihholo lomphakathi liqeda kuvulwa, kodwa uyinyanga uhambeqosha uthi unezinto engenalutho, wake wenzani savuka sezwa, abantu banqena ukuyosebenza sebeba izinyanga bonke ngoba befuna udumo".
Queenlolly, 'ayi uthatha amashansi uBhodludaka", kusho uQueenlolly edelela umkhaya wakhe ngoba phela naye uLolly udabuka khona le kwaMaphumulo. Unani uBhodlumlilo ngoba usagibela amatekisi, wawuyibonaphi inyanga egibela amatekisi ngalesi sikhathi, kusho uNavigator esho kumuntu onezimoto ezingaphezulu kwezintathu, "angimuboleke nayi iBMW bakithi", kusho uQueenlolly.....