Goto News >
Search..

Goto News
UDSD uyangidakelwa kusho uNgizwe

UNgizwe Mchunu indoda evele ishaye kwasani okuzichomayo, isize yaduma umhlaba wonke lensizwa yaseMabhuqwini ngomtalabho nje uwodwa. Abanye bathi ayisaphili kahle ekhanda ngenxa ka3seconds inyanga edume ngokugqilaza abaculi kodwa eyahluleka ukugqilaza uNavigator kodwa futhi abanye bathi ayihlulekanga kodwa kuzokwenzeka okufanayo nokwenzeka kuNgizwe ngoba naye bathi akazenzi kodwa ugqilazekile kodwa futhi yena akaboni ukuthi u3seconds udila naye ukubhubha.


Lensizwa yaseMachunwini isanda kutalabha uKhuzani kanye noThibela Mpungose ogidela ubhuti wakhe omcane okungu Khuzani Mpungose,"Usedlale kakhulu ngathi uMgodi, ake niseshe lapho ukuthi lemoto ekaThibela ngempela yini", kusho uNgizwe egadla kuKhuzani, uyaqubeka uthi uThibela uyithenge ngani lemoto ngoba ayikho into akayenzayo kodwa ugqinsiza ingoma nje kuphela futhi nayo isiyamehlula ngenxa yesisu esikhulu.

Kuqale uDSD wasukela uNgizwe wathi,"ya mkhaya, ngizoke nami ngizohlolela amagwinya ami lapho kengizwe ukuthi ushaya ezikhona yini noma udla imbumba, sengosale sengikuphathela nebomvu uyeke ukuhuqa ikhalamani, wake wasibonaphi isangoma esihuqana nekhalamani? Ngizokuphathela ibomvu mkhaya ngoba likhona ngasekhaya mahhala hhaaaa". Akabange esapholisa maseko uNgizwe kodwa uvele waluphendula ngokushesha ucingo likaDSD.


"Akeningibuzele yena ukuthi usewadayise wonke yini amagwinya osuku njengoba esezodakelwa mina nje, ukucula kuyamehlula futhi ilokhu kwamehlula kusekhona iBhova wagonugqoko, kuze kube manje ayikho indaba kaDSD, engangidakelwa mina...engazongidakelwa mina....", kusho uNdive