Kusohlelweni lwasekuseni ngehora lesine kumsakazo oseThekwini iVumaFm 103 okuwuhlelo olushayelwa nguDokotela uKhehlelezi uma ungamazi kodwa uyazi ingoma kaKhuza December 2020 yezibongo agadla kuyo uNgizwe mhlampe uke umuzwe uma emugadla ngenyanga enkulu edumile enemali, usuke esho yenakanyeke uDokotela Khehlelezi ohamba ngezimoto ezibizayo.
UDr Khehlelezi ongomunye wezinyanga ezidume umhlaba wonke ngemisebenzi yakhe yokusiza abantu ngoba ziyabalwa izifo angakalitholi ikhambi lazo ngoba usenalo eleCorona Virus okuyimbiza ebizwa ngoSlay Queen ewasha wonke umuzimba iphinde ikhuthaze ubaba kanye naye umama enkonzweni yasekamelweni ibuye iphinde ilungise amaphupho.
Isihloko sosuku besithi, "Ngabe uvumelekile yini ukukhotha inkoma uma uyindoda edla umuthi noma uyamuvumela yini umama ukuthi adlale ngomuphikeleli uma uyindoda nanokuthi sithini isintu ngalokho." Kube nhlanga zimuka nomoya kwiChunu kwacaca nje ukuthi ibutho leli ngathi alizwani nokusondeza ulimi esithweni sowesifazane sangasese kwazise liyawudla umuthi ichunu.
Libe seliphendula lithi, "uma ningena elawini kwakhona ongakwenzi uyashayisa", angazike mina sekuyojaja abalandeli. Uqhubeke wathi lokhu ukushiso ukuthi ngoba ubumnandi elawini bakho nophathina wakho kufanele kube ubumnandi obuphelele. Ukuthi uyayikhotha yini noma cha ijaji uwena.