UNavigater Gcwensa otalabha aze atalabhe ngisho nezinyanga usale encele isithupha. Lensizwa ike yanyamalala isikhathi eside kakhulu ezinkundleni zokuxhumana ngemumva kokuba yaphiwa umacekeceke wepolo, ithe uma isibuya yathi ibisesibhedlela ibigula kakhulu, uma ibuzakala ukuthi inkinga ibikuphi noma bekubuhlungu kuphi, iphawule yathi idle eshuvu kodwa ayangachaza ukuthi iwudle kuphi kanjani noma idliswe ngubani, lensizwa ikhulu zonke lezindaba nje ihleli nesiphalaphala sentombi emhlophe eceleni kwayo kanti iphinde yachaza ukuthi inguyene mama wasekhaya futhi iyona lentokazi ebikade imunakekela ngesikhathi esesibhedlela uMfokaGcwensa.
Abalandeli bakhe abeneme neze uma bebuka isimo sakhe uMfokaGcwensa, bathi lendoda igqilazekile kodwa yona ayiboni, bathi selokhu yagqilazeka mhla idelela ubaba u3seconds inyanga edumile, baqubeka bathi ukudelela kwakhe enye inyanga yaseThekwini edumile nokuyiyona eyamupha imoto kwamugqilaza kakhulu ukunakuqala so kufanele athole usizo oluphuthumayo lensizwa yakwa Gcwensa, kusho abalandeli.
Lendoda esesithombeni enikeza uNavigater iphepha iyona nyanga yaseThekwini ebizwa ngo Dr noma ngoDokotela Bhodlumulilo nokuyiyona eyadelelwa uNavigater kodwa esikhundleni sokuthi icasuke yavele yakhipha imali yamuthengela umacekeceke wePolo, uma ibuzwa ukuthi ikwenzelani lokhu yaphendula yathi, "akusiyena uNavigater lo odelela abantu kanye nezinyanga kodwa ikhehla lakubo elidala elimembethe neselifuna ukuvela ebantwini, ingakho nje uNavigater emubi kangaka", uma iqubeka ichaza ithi lenyanga yona ayiphi yena uNavigater kodwa ipha lelikhehla elihlezi kuye, kanti ikhuluma yonke lento-nje isenga ezimithiyo iyazi yona ukuthi isazobuya izoyilanda imoto yayo...