Goto News >
Search..

Goto News
UThembinkosi Lorch ushayise uMthandeni ngepani

UThembinkosi Lorch ongumdlali ovelele weOlando Pirates noku "baecation", okuyisikhathi sakho sokuncebeleka nesithandwa sakho ubonakale noNatasha Tahane bencebeleka eTanzania endaweni ebizakakhula yokuncebeleka. UNatasha Jahane inkosazane edume kakhulu ezinhlelweni zomubukiso kamabona kude kanti idume kakhulu kulomdlalo obizwa nge "Skeem Saam".


UMthandeni Manqele odume kakhulu emculweni kaMaskandi waphumela obala ngokuthanda lentokazi yakwa Jahane ezinkundleni zokuxhumana ngoba ubeze abonakale eyifaka emakhasini akhe bese ebhala nemilayezo emihle eyifisele usuku lwayo oluhle lokuzalwa.

Imithombo iveza ukuthi lentokazi iyona eyenze uLorch ukuthi athathe isinqumo sokuhlala kwiOlando Pirates ngemva kokuba ethembise ukuhamba kuleli qembu ngoba lentokazi ihlale ibonakala igqoke umjfaniswano weBhakabhaka kanti kubikwa ukuthi iwumlandeli omukhulu weBhakabhaka.


Abalandeli bakaManqele baphawule bathi akavele ewachithe amanzi ngoba lenyoni engathi indizela kude kakhulu ukunaye...