Goto News >
Search..

Goto News
isililo kudliwa icrush yeGcokama

Ukhala ezimathonsi usaziwayo udume ngengezo ezindimeni zomculo wesintu. Le nsizwa yaseMdletsheni seyahlala izivalele ekhoneni nabantu abahamba ngaphandle ibalunguza ngomfantu wesivalo kwazise intombi enecrush kuyona idliwe uThembinkosi Lorch wezimnyama ngenkani. Lo mdlali wePirates ubonakale ezitamuzela emabeleni kaNatasha Tahane beseholidini.


Kusukela lapho alibange lisaphinde libonakale nasezinkundleni zokuxhumana Igcokama elisha kanti lingumuntu oposta njalo. Lithe uma selibuya lafaka isithombe salentokazi iveze kancane amabele ifake izingubo ezivusa uhlevane kowesilisa yabalisa yaqeda."Ungayihleki inqe uma uyibona ihlubuke intamo. Kanjalo neSkhova ungasihleki namuhla ngoba awulazi ikusasa ukuthi lisiphathele ini." 

"Ungangihleki ngoba ungibona ngophele ngaphakathi namhlanje ngoba awazi kusasa ngizobe ngikuphi nempilo. Indoda ilala namhlanje kusasa iphinde ivuke." Lawo ngamazwi eGcokama elisha elizikhalele ngawo uma lizwa izindaba ezibuhlungu futhi lizibonela nje nalo ukuthi uLorch ubelokhu ezikhothela nje entanyeni yalentokazi kanti nesidlo besibuzwa kuye amaholidi onke. Akatholakalanga ukuphawula uLorch ngaloludaba ngesikhathi izintatheli zifuna ukwazi kabanzi ngokuposta izithombe ezivusa uhlevane ngalolu hlobo.