Sekuvele konakala kakhulu ezindimeni zomculo wesintu njengoba intandokazi kwezinomlayezo isimemezele ukuthi ziyishumi nesithupha sezizonke kule album ezophuma maduzane. UDumakahle uzomkhumbula uma ethi amabili aboshiwe amathathu azinkabi egoli. Leyo ngoma yayidlalwa ngisho nawumama ongazalanga ngakho njalo ukuthi kwakungengoma kwakufiwa kakhulu kuleya album.
"Asifani siyafanelana. Engingakusho nje ukuthi konakele kakhulu kulonyaka ngoba kusuke kwathinteka uthisha wothisha. Angifuni ukudlala ngabantu kodwa ngifisa bazi ukuthi ingoma engiza nayo kulonyaka isabisa kwamina uqobo lwami. Ngishibilika ngomlayezo othinta wena khehla wena salukazi wena mama wena baba wena bhuti wena sisi. Angifuni ukwanda ngithi nje qeeeh!! sekonakele."
Ibeke lamazwi le nsizwa maqede kwavungazela umhlaba wonke kwazise sekukhulume isitha sengoma encane. "Singabuye sithini kodwa uma sekukhulume iqhawe lethu? Le nsizwa ngayithanda isapatanisa la kuMaskandi ngoba nginakho ukushesha ngilibone ikhono. Buka manje siyasutha namhlanje siyaqhosha siyaqholosha siyagiya siyaqabaqula njengenkonyane." Kubeka uZithozenja.