UBaba uGedleyihlekisa Zuma owayengumongameli kuleli zimufahlile kodwa yena kanye nabalandeli bakhe bakholelwa ukuthi abuzange bubekhona ubulungiswa ekushushisweni kwakhe wavele wakhetha ukuba avele azihlalele emzini kababamkhulu wakhe eNkandla, uthi uMsholozi uma kukhona omfunayo uzomuthola kwaZuma emzini omkhulu woyisemkhulu bakhe.
Lokhu kushushiswa kukababa uZuma sekunyakazise umhlaba wonke ngoba naphesheya kwezilwandle kukhulunywa ngayo lendaba kaZuma, uma uvula isiteshi France24 on your DSTV uzothola kukhulunywa ngalo loludaba, abanye bathi wenze kahle uZuma abanye bathi iyiphutha lento akayenzayo kodwa thina siwuMaskandi Media sizimele, asithathi hlangothi.
Amasosha oMkhonto Wesizwe ilokhu afika ngoFebruary eNkandla ukuyovikela ubaba uZuma kanye nomndeni wakhe ngoba akholelwa ekutheni abukho ubulungiswa ekutheni kungaboshwa umuntu oyigqalabutho njengoZuma owabamba elikhulu iqaza ekutheni sithole lenkululeko esinayo namhlanje kanti futhi uMkhonto wesizwe ukholelwa ekutheni iqeqebana leziphathimandla ezithize ezihlanganise itulo lokuthi uZuma aye ejile ngoba kukhona izinto ezithize abazifihlayo abasaba ukuthi uZuma uzozivela.
Izakhamuzi zaseNkandla kanye nengxenye enkulu yabalandeli bakaKhongolose bashaya ngonyawo phansi bathi uMsholozi akayi lapho kanti sekuze kwangenelela nengxenye yebutho likaZulu nayo ithi owethu uZuma kanti futhi nezwe laseNingizimu Afrika lingelethu akayi lapho uMsholozi. Wena luthini uvo lwakho? Just go facebook and search "maskandi media" and leave your comment, thank you...