Goto News >
Search..

Goto News
Bebefuna sihambe nqunu yini? Kubuza uMgiliji

Zimshubele umdidiyeli wamabutho. "Kungani ndoda uhlanganise amabutho ngaphandle kwami wathi awahambe ayokweseka uZuma ube wazi kahle kamhlopheukuthi lokho kungukuvukela umbuso?" Kubuza uMisuzulu kanye noShenge osanda kunconywa uDSD wathi mihle imisebenzi kaShenge. Abagcinanga ngokumbuza ukuthi ubeyofunani kodwa babuze nokuthi bebeyigqokelani imvunulo kwaba bayinyathele emsileni.


"Ngithanda ukungayizwa kahle le yokuthi besiyigqokeleni imvunulo yethu esiyithenga ngezimali zethu. Abebegqoke amabhulukwe neziketi ababuzwa ngani bona? Sithengelwa ibona yini imvunulo yethu. Benifuna sihambe nqunu yini thina noma benifuna sigqoke imvunulo yeZayoni?" Ubuze leyo mibuzo uMgiliji kwaxega amadolo emadodeni banikina amakhanda oShenge baphelelwa amazwi.

"Imvunulo ebesiyigqokile ingeyethu asiyithengelwa abantu basebukhosini. Okwesibili imina umdidiyeli wamabutho nesilo esisha asikagcotshwa yingakho ngingalindi ukutshelwa umuntu uma ngibona kufanele ukuthi ngihlanganise amabutho siyokweseka elinye ibutho." Kuqhuba umdidiyeli. Ekuzwa lokho uZuma uthe kuyamxaka naye ukuthi kubekhona imibuzo ebhekiswe emabuthweni ekubeni engumzulu naye futhi eyingxenye yebutho.


"Impendulo yalowo mbuzo ilula kakhulu. Amabutho abezokweseka elinye ibutho. Ngingumzulu nami futhi ngihamba nawo amabutho. Abaningi babonile ukuthi bengihamba nawo amabutho abezongeseka ngibhekene nesimo esinzima." Kubeka uMsholozi.