Goto News >
Search..

Goto News
Uyishiqeke ngenkani JD kwimbangi yakhe

Uyayazi yona imbedu mehlwana? Uqobo lwayo ke lena. Ubani owayazi ukuthi ngelinye ilanga uKhuzani noMthandeni bayogqoka ilebuli eyodwa? Kunjalo ke uma kungezwenwe. Babambe ongezansi ongenhla bawuyekele amanzi asemekhaleni abathandi bomculo. Inkulu indaba ingelebuli yakwaJonathan edume kakhulu ngoKhuzani umfoka Mpungose oyishiqeke yaze yangena enhliziyweni yeGcokama umfoka Manqele.

NabakaSkhova abalandeli bayamvuma manje uMgodi bathi ay ibhoza lo mfana. Ukwenze kanjani ukuthi ugadlaza weteku lakwaJothan u-size 10 uzibone ususonyaweni lwembangi yakhe enkulu? Abanye bathi bekungahambi kahle emakethe. Le brand ibingathengwa njengo cutty so kwamele beze beyothandaza eMdletsheni abanikazi bayo ukuze izothengwa.


"Ngikhuluma indaba yokuthi namhlanje kubhiza oplastiki bakwaJD iSOuth Africa yonke. Ngivuka ekuseni phela mina ngiyolayisha eHlokozi ngibathutha ngibayise Thekwini. Namhlanje ekuseni bekugcwele itekisi lami izinsizwa zodwa zithi ziyothenga lesicathulo esisha esesigqokwa Igcokama. Yini kanti le eseGcokameni?" Kubeka uXolo umfoka Zulu phansi eMahlongwa oshayela amatekisi aseHlokozi.