Goto News >
Search..

Goto News
UMgiliji udiliziwe

Indaba iqale kubonakala uBaba uMgiliji eNkandla kwaZuma uma ebuzwa uphendule wathi ubeyokweseka uzakwabo ophinde abe yiButho. Lendaba iqale ibukeka incane iye yakhula ngendlela engaqondqkali ngoba iqale ngeNtatheli yezindaba uSiphamandla Goge nokuwuyena othe uma ebona ubaba uNhleko kwaZuma wafonela eNdlunkulu ukubuza ukuthi ngabe lokhu akubonayo kuyahambisani yini nendlunkulu.


Ibuzwa indlunkulu iye yaziqelelanisa nokubonakala kwamaButho kaZulu evunule eNkandla. Lesi sinqumo sokudiliza ubaba uNhleko sithathwe uMkhandlu weZinduna zasoSuthu, kubikwa ukuthi into okuyiyona ecasule iziNduna zasoSuthu ukubona amabutho ebeholwa ubaba uMgiliji ehlangene nabalandeli bakaZuma ebebefunga begomela ukuthi uZuma uyoboshwa befile.

Lezinduna zithe kungukwedelela ukuthi uma uNhleko ebuzwa ukuthi ubeyigqokeleni imvunulo bese ethi bona bebefuna ahambe nqunuyini. Lezinduna ziqubeke zathi lemvunulo abeyifakile ifakwa emikhosini yesilo, ikakhulukazi Idlokolo alifakwa nomengabe ikuphi.