Sekuvele kwachitheka izishebo Egoli njengoba sekutheleke lowo owaqala waba inkosi yamaBhinca wasuswa uKing Nuba kuleso sikhundla wabe eseba umongameli wesibili kuleli. Le nsizwa yaseNkandla ifike idinwe isimnyama bhuqe ijahe ukuhlanganisa ezayo kwaMai Mai maqede bese uyaqala umbhikisho wokudedela uZuma ejele. "Bafuna ukungikinatela sizwe sakithi ngiyayishintsha indawo esizobamba kuwona umcimbi wethu, lindelani maduzane ngizonazisa ukuthi sohlangana kuphi." Kubeka yena.
"Ngeke ngizwe ngalezi shiphi ezithi ziphethe kulelizwe. Ngizohlanganisa zonke izinsizwa zasemahostela nazo zonke izinsizwa ezizaziyo ukuthi zizinsizwa zona sizolihamba lonke leli goli simemezele ngazwi linye nje vo, sithi uZuma akaphume ejele. Namanje ngiyamemeza enhla nasezansi ngithi ma-South African amahle usethelekile umongameli wenu weqiniso egoli awusuke umshikashika. Ziyakhala ke manje kade nanithi azikhale."
"Inkulumo yami ngizoyethula kumnyama kubomvu ngoba akukho mthetho wakuleli engiwephulile mina. Izintatheli zonke ngizozazisa maduzane ukuthi inkulumo yami ngizoyethulela kuyiphi indawo manje ngoba ngeke sisaya kwaMai Mai." Ibeke lawo mazwi inkosi yamabhinca maqede yafaka umkhonto wayo ekhwapheni yayosithela ngale. Nansiya iyosithela ngale kwaleli khona ifake nomqhele ekhanda. Kumanje igoli lonke ligcwele imigwaqo kuvunywa ezamabutho kuthiwa makuliwe makuliwa kulindwe bani na? Kunamahlebezi athi iChunu kungase lilale libaliwe ngoba lokhu elikwenzayo kungukwephula umthetho.