Goto News >
Search..

Goto News
Ubaleke washiya isithunzi esho ukumqeda amaphoyisa

Kuntaze ibheshu kwabhiza isinene, ela amaphoyisa egoli. "Yeyi wena Ngizwe blatiful ucabanga ukuthi uyini wena ozohlanganisa abantu la eGoli. Hheee!! Bamba la!!" Lithi likhipha ngesibhakela kwasho ukuthi ayiviki iyehlula le nkalakatha. Kubonakale ngomkhonto uyothi shwaphee!! Ngala kupake khona izimoto ezisusa abantu esikhumulweni sezindiza zibase ngaphandle.


"Konakele bafana bakithi ngijahwa amaphoyisa lapha eGoli, asengihubhe angihubha ngavele ngabaleka ngezinyawo ngashiya kwazimotshwana lezo ezithuatha abantu. Abefuna ukungikinatela ngaphakathi esikhumulweni sezindiza. Ngicasulwa ukuthi awanaso kwasizathu sokuthi azongibophelani. Angilandela, angilandela angilandela ekhuluma ko-over ethi nanti phara, iphara, iphara."

"Ngibalekile manje ngi ngi ngi ngihambe ngeminye imzila ngoba phela ngiyalazi mina iGoli ngeke ngidlale lezishiphi." Kungingiza yena. "Ngikwenye indawo manje bafana bakithi, asife masifa ke manje ngoba bayangidakelwa bayangihlanganyela benjalo nje lamavaka lawa. Ziyakhala manje azikhale maarn demed."