Engase azithole esobishini uMlando umfoka Mchunu ophunyuke kunzima zimfuna phansi ezakwadalawane. Le nsizwa isolwa ngokuba nesandla ekumoshekeni kwezinto zabantu okwenzeke eKZN kanye naseGoli. UMacingwane wamemezela ukuthi uzoba nenkulumo njengomengameli waMabhinca, wabiza abezindaba kanti baningi kakhulu ababethamele inkulumo yakhe.
Sibuye ngomkhwezeli isikhuni njengoba ebalwa nabantu abafunwa amaphoyisa okumele ayovalelwa ngenxa yokuhlomekisa abantu abagcine becekela phansi impahla kuleli. "Angikaze ngithi abantu abamoshe impahla. Angikaze ngithi abantu abangawuhloniphi umgomo wecovid. Mina ngikhulume iqiniso nje kuphela. Kumanje ngifana nenyamazane ngilala obenyoni ezweni lenkululeko."
"UBheki Cele uhlulwa ukwenza umsebenzi wakhe usongelana nami kuma comments. Noma ngingafa mina anginandaba ngizolimela kodwa iqiniso. Namanje ngisasho ngithi ngibanika izinsuku ezintathu kuphela ukuthi bekhulule uMsholozi. Kungenjalo siyolala ngaphandle kwaleliya jele aze aphume ejele." Ubeke lawo mazwi uMacingwane kwabonakala ukuthi usalubhebhethekisa namanje udlale futhi akanandaba nokwenzekayo ezweni.