Akaconsi phansi kwabamhlophe uMnumzane Bongani Mbeko oyinduna yezinsizwa. Le nsizwa ibize amabutho yawacela ukuba avikele inxanxathela yezitolo kuleya ndawo, nebala kube njalo ngoba ubika ukuthi azithintwana izitolo. "Amabutho alapha ukuvikela izinxanxathela zethu lapha. Kumanje sibika ukuthi awukho umonakalo otheni owenzekile ngapha." Kubeka uMbeko.
Kubikwa ukuthi ubambisene nabo abamhlophe baqinisekisa ukuthi izigila mkhuba aziyenzakalisi impahla yabo. "Kumanje simukela abantu abasuka nasezindaweni ezimoshakele ukuthi bethola okokupheka basusa ikati eziko ngesikhathi abanikazi bezitolo kulezo ndawo besazabalza bezama ukuvuka." Kubika omunye wabamhlophe ogama lakhe alibhaleki kalula.