Goto News >
Search..

Goto News
izozinikela emaphoyiseni inkosi yamaBhinca

Uwachithile amahlebezi okuthi uboshiwe umfoka Macingwane. Umabizwa sabele odume kakhulu esakaza Okhozini uphumele obala wathi ayihlale phansi ibambe umthetho ePhoenix. Lokhu ukwenze emveni kokuthi abahlali bakuleya ndawo bebala elimnyama bemcelile ukuthi angenelele ngoba isifuna amaqhawe leyampi ayisengangama xoki.


"Ngimangazwa ukuthi ubaba uBheki Cele engumholi omkhulu kangaka uhlulwa ukulamula impi, kunalokho uthatha uhlangothi oluthile. Akanike thina esisondelene nabantu abaphansi sikhulume nabantu bazosizwa thina. Nginomuzi mina ePhoenix nezingane zami ezinye zihlala khona, ngiyasazi isimo sakuleya ndawo." Kubeka uNgizwe umfoka Mchunu.

Umangaze abaningi esephetha inkulumo yakhe yohlelo lwevideo ezinkundleni zokuxhumana esethi uzozinikela emaphoyiseni. "Ngomsombuluko wona lona ngifuna engitshele amaphoyisa ukuthi njengoba ethi ayangifuna angifunelani ngenzeni. Ngizozinikela esiteshini samaphoyisa ngifuna ukubona ukuthi azongibopha yini. Uma engibopha azothi angibophelani?"