Zishukane lashona izinkunzi zaseSenegal nezase South Africa okuyi Bafana Bafana encane emdlalweni obunzima kakhulu wamanqamu koweCOSAFA Cup. Le ndebe ibibanjelwe khona la ekhaya eSouth Africa enkundleni edume kakhulu iNelson Mandela bay stadium. Abafana basekhaya banqobe le ndebe bengazange bangenelwa igoli noma elilodwa ngakubona.
Kuthande ukuba nzima kowamanqamu njengoba imizuzu engama-90 iphele kuyiqanda ngapha neqanda ngale. Zibe seziya kwi-extra time kwafika nakhona kwangaba bikho egoba uphondo. Ugcina uphelela kumapenalt la ebesekumele kube khona eligeza ngenkani ijezi. Ubeyiqhawe unozinti weBafana obambe eyodwa wakora eyodwa kubadlali abahlanu bokuqala.
Zibe sezeqela kowesithupha umdlali okumele ashaye amapenalt ukuze kuzocaca ukuthi ubani inkunzi. Nebala bayishaya phakathi abafana basekhaya. Kuthe sekumele lilinganise iqembu laseSenegal, wathi unozinti wayo uzoyishaya yena. Uvele wakha amabhilidi angakaze akhiwe muntu emahlabeni wonke jikelele. Sikhuluma nje namanje ibhola lisacingwa ngaphandle kwenkundla. Banqobe kanjalo ke abafana basekhaya ngamagoli amahlanu kwamane sekushaywa amapenalt.