Kusinda kwehlela kwinkosi yamabhinca uMlando umfoka Mchunu okubikwa ukuthi useshushumbisiwe wasuswa eWybank wasiwa ePitoli. Ngokombika kaWelile Indlovukazi Mchunu, le nsizwa eswele ngisho imali yamacala ebhekene nawo, uthe kusobala ukuthi bafuna ukumvalela ekhoneni bamfase imlenze yangemumva bese bemdova engabhonsile enjalo.
"Sizwe samabhinca nginiphathele ezibuhlungu. Inkosi yenu ayisekho la ebeniyazi khona njengoba kumele ivele enkantolo ngolwesithathu. Sebevele bayoyivalela ePitoli. Kusobala ukuthi kunezinto esingazazi abafuna ukuziveza zimcindezele. Nakuba kunjalo sicela uxhaso lwenu njengoba kuchaziwe esithombeni esingenhla." Kubeka uWelile Mchunu.
Insizwa esebenzisana naye umfoka Macingwane edume kakhulu kweze ngizwe online uMfanuphetheni umfoka Zulu, ukuqinisekisile ukuthi bayalucela ngempela usizo lwemali. "Kunjalo sizwe sakithi. Sicela uxhaso kulabo abangakwazi ukuphosa itshe esivivaneni, basisize ukuze sikwazi ukubhekana nezimali okumele sizikhokhe ukuze kuphume Inkosi yamabhinca ejele." Kubeka yena.