Goto News >
Search..

Goto News
Uyocela ushwele kwiNgonyama uMgijija

Lowo owabe engumkhuzi nomdidiyeli wamabutho kwaZulu ukwamukelile ukuzehlisa ayocela ushwele kwiNgonyama. Le nsizwa eyaduma kakhulu ngesikhathi sokukhothama kwesilo uZweithini, wamiswa noma waxoshwa ngemumva kwamagama aziswana akawakhipha wawabhekisa esilweni esisha uMisuzulu. Umfoka Nhleko kulindeleke ukuthi atheleke ezindlini kwelengonyama namuhla. "Useqalile yini ukusebenza lowo Misuzulu? AMabutho pho ahlanganaphi naye?"


Lawo kungamagama ashisayo akhishwa ilendoda ibuzwa kabanzi ngokuhlanganisa amabutho ayokweseka uZuma ngezikhathi zokulandelwa kwakhe amaphoyisa kuthiwa kumele ayozinikela ukuze ezodonsa isigwebo sakhe. Le nsizwa yakwaNhleko yavela kwi-Cutting edge ikhuluma lamagama angehlanga kahle kwabaningi okubalwa kubona Inkosi uMangosuthu Buthelezi. "Wayebekwe ubani lowo Mgilija? Imina manje umkhuzi nomdidiyeli wamabutho." Kuqhosha kuqholosha uShenge.

Ezibuhlungu zithi le nsizwa ayitholanga ukwamukeleka noxolo lwayo oluhlanganisa iguqa lenkomo abeyocela ngalo ushwele. Ube esecelwa ukuthi abuyele khona ebuskhosini mhla zingama-28 kuyo le nyanga kaNhlangulana. Kuzobe kungumhlangano womkhandlu, nokula isicelo sakhe sizolalelwa khona.