Ingqalabutho kwezokudidiyelwa kwamabutho edume kakhulu kukhothama Isilo uMgilija umfoka Nhleko uthi akazwani nomsangano yena abamcacisele ukuthi usenguye yini umdidiyeli noma cha. "Akucace bakwethu angizwani nomsangano mina. Azikhale uma zikhala vele angiholi ngisho indibilishi kuleso sikhundla ngivolontiyile." Kusho yena.
Le nsizwa yavela kwenye yamavideo ukhuluma amagama aziswana iwabhekise kuMisuzulu ongakabekwa ngokusemthethweni njengeSilo esisha kulandelaukudlula kweSilo samabandla emhlabeni. Eyibona leyo video uMisuzulu wavele wamkhomba indlela ngaphandle kwamathandabuzo uMgilija.
Ngolwesithathu uMgilija wayehlangene namakhosi kudingidwa udaba lokuxoshwa kwakhe. Abaphumanga nesisombululo kodwa udaba lwakhe lwahlehliselwa kuleli sonto eliqalakusasa. Akwaziwa mbhantshi kujiya ke ngoba le nsizwa iqhubeka nokukhuluma noma ikanjani okuyinto ecasula amakhosi oShenge. "Akekho umuntu ozongishayela umthetho okwamanje ngoba akukabekwa muntu. Lelo ke iqiniso elingephikwe." Kusho yena.