Goto News >
Search..

Goto News
Uzifaka zonke nyameni kuRamaphosa

Indlala ibhokile ezindimeni zomculo. Kumanje kuphela ngisho inhlonipho emaqhawe akithi kwazise isisu asikolotwa. "Nci nci nci hambani niyotshela lo baba wekhala waseKhenya ukuthi ngithi isishiphi indaba yeCovid ngithi amakaka uqobo lwawo. Ayikho indaba yeCovid kusho mina ngisho ngenkani. Ubhizi uyalivula uyalivala izwe kuhle kwamathanga entombi engaziphethe kahle."


"Silambile thina angazi noma uthi asidle izinkinobho zamabhantshi ethu yini. Kwalabo bantu abahlala bebhalwa kuma stats kuthiwe babulawe iCoviid baphi kanti yini ngingabazi mina? Bafa maqede baphelelephi zenziwa kuphi kumiphi imizi izipheko zabo sihambe siyodla inyama siphuze namanzi. Angani lobotshwala kuthiwa amanzi. Ayingeke angimesabi phela mina khulumani naye."

Ibeke lawo mazwi iKing Gugas maqede yashaya isishwapha sayo yayosithela ngale kwencaaaane ingane okubonakalayo nje ukuthi ayimfuni nala ehambe khona. Kunezinsolo zokuthi ukhala kangaka nje kungenzeka leya ntokazi ebilokhu imchiliza ngesandla ibifuna imali kwasho ukuthi iphakethe libhobokile. Igcine ingatholanga nasinqandi nyana esihlathini ngoba phela oKazi abamfuni kabi umfana umfana ongenamali.