Emva kokuba evalelwe izinsukwana uMfokaMchunu ejele uphume esezibiza ngeNkosi yamaJele kanye neNkosi yeziBoshwa kanti uphunde wakhala ngezinto akazibone zenzeka ejele kwazise phela beliqala iChunu ukungena emaketangweni aseJele, ukhala ngesenzo sokuboshwa kwamaPhara, uthi uNgizwe awangaboshwa amaPhara ngoba athela amaphoyisa ngesigcwagcwa. Ekhuluma lamazwi uye waphuwula wathi "ngokwesintu sakithi indle isho isichitho kanye nesigcwagcwa, lento engyibone ejele ayiyinhle neze, ngibone amaPhara enyela esandleni maqede ephahlaze amaPhoyisa ngendle ebusweni"
Emva kwalomdlalo ubuse Sandton eGoli uMfokaMacingwana uzwakalise ukungenami kwakhe kwazise lomdlalo ubusungulwe uMkhaya wakhe ophinde abe isitha sakhe ngokuhlanganyela nomculi weHip Hop okungu Big Zulu owucula lomculo ngokwesintu ophinde akholwele kakhulu ebaculini bomculo wesintu ngoba izinsizwa akaphilisana nazo kakhulu ilezi ezicula uMaskandi esingabala kuzo uJaivazimnike wodumo lwengoma ethi "Ntabezikude", uNgigakamahlalela oye waduma kakhulu emdlalweni kamabonakude osihloko sithi "Mnakwethu" kanye noMfezemnyama wodumo lwama Hit song beno NtabayaseDubai.