Goto News >
Search..

Goto News
Bazolisika bukhoma iphenti eHostela

Kuzobe kusindwe ngobethole e-Alexander Nobuhle Hostel njengoba kuzobe kuhlonishwa uBuselaphi Gxowa ngamagalelo akhe akasewenzile endimeni nasempilweni jikelele. Ngokusho kweqembu elikhulu eladuma kudala kakhulu ngengoma eyayithi isidina sikamahlalela nezinye ezazishaya emhloleni, bathe bazobe beliphethe iphenti belisika bukhoma phambi kwezihlwele.


"Sicela bonke abathandi bomculo kaMaskandi, okungumculo wobaba bethu oPhunga noMageba ukuthi bezohlanganyela kanye nathi kuleliya Hostela. Njengoba bazi ukuthi ingoma yethu ethi iphenti lami balisika ngomese abafana idla ubhedu namanje endimeni, sithi abezeke ngeSonto mhlaka 22 bezosibuka silidabula bukhoma sibakhombisa ukuthi sisuke sikhuluma ngani." 

"Siyaziwa ke vele nasendimeni ukuthi uma sesingenile stage asibe sisanaka lutho kodwa sisuke sesijabulisa abantu kuphela. Kuzobe kugijima intshebe ilithwele ekhanda iphenti. Angivele ngiyibambe khona la okuningi sebeyokubona khona eHostela." Kubeka iqembu lezingane zoma.