Goto News >
Search..

Goto News
Uthi unguNkulunkulu kodwa ucishe washawa oLundi
Utata uNdive usinde kukubi oNdini emcimbini kaMavava Skhakhane lapho ebembesa khona ingoduso yakhe. Kubikwa ukuthi uNgizwe ufike mumva umcimbini usuqalile ehamba noMthandeni Igcokamelisha Manqele kanye nabafana bakaMthandeni, kuthe uma kungena uNgizwe belandelana noMthandeni abantu babanga umsindo kwaphazamiseka umcimbi baxoshwa oNgizwa noManqele kodwa alivumanga iChunu ukuhamba livele laphika ukuthi lihamba naye uMthandeni nobesoleka ukuthi ubengamenyiwe njengoba nembangi yakhe uKhuzani ibikhona kanti futhi nayo kubikwa ukuthi ibalekile uma imubona uMthandeni kwazise ibihamba nenye enguNgizwe. Ezitholakale kamumva zithi uphelile izimpama uMthandeni ngemumva kokuba egoloze ukuhamba wakhipha isibhamu phambi kwabantu.
Ebuzakala emsakazweni utata uNdive ukuthi ubani uNkulunkulu uye waphendula wathi uyena uNkulunkulu, wathi unguThixo yena uJehova uqobo lwakhe.