Goto News >
Search..

Goto News
ivunywe Igcokama eyeGeza lakwaMgube

Ziphinde zadlana imilala zabulalana ngobuchule zadlalisa ulimi kwasengathi ziyancomana kanti ziyashendezana. Akusincomo kodwa ukwedelela ukuvuma ingoma yomculi eshisayo maqede umbize ngekhonde sakudlala. "Kwayishaya ingoma okulibhambi yezwa, ngizwe kuhoshozelela phansi kuthi bolesaba ijele mntanami, bekezela mntanami alikho ithuna lendlala. Ngizwe kuchwaza iZoo yonke ithi haaaa." Kudelela Igcokama sakuncoma.


iZoo phela ungasho ukuthi ihlathi elikhulu noma isiqiwi esigcwele lonke uhlobo lwesilwane. Kuvame ukuthi kugcwale amakhonde ezimfene nawezinkawu nalo lonke uhlobo lwesilwane ongase ulucabange. Umbuzo ke uthi ngabe Igcokama belidelela abalandeli abajabulela ingoma ka Ali noma belitalabha yena qobo limubiza ngekhonde? Phela lezinsizwa kuyaziwa ukuthi indaba yazo into nje engasobuye ilungiseke sdalo.

"Hhayi bafana bakithi anongivuma noma niphila. Angazi kwenziwa yini ukuthi ningivume uma nidakiwe kuphela. Inkulu le ngoma noZimdollar umntakaBiyela uyivumile. Wena ke Ntansula angazi ukuthi ufuna ukuze kwenziwe njani ukuze ubone ukuthi ngingenhla kuwe mfana ngacula noyihlo angazike wena ukuthi ubuyini nje. Alikho ithuna lendlala mfana ubobekezela ungaze uzithole usubhadla ejele ngenxa nje yokuhlulwa ukubekezela." Kubeka Igeza lakwaMgube lincoma ingoma yalo edla lubi emakethe.