GTI ebomvu kanti ungokabani wena ufunani kwaNongoma? Ayi asikho lapho akuzona ezethu lezo. Indaba ingengoma yeGeza lakwaMgube. 'Angisenandaba noma ungangizonda, impilo imnandi ngezitha, anginendaba noma ungangizonda.' Kusho yona ingoma akusho mina, uma ungayazi kushuthi uyi2000.
Ziyayishuka ziyayishukisisa insizwa esencane endimeni kodwa esiphethe irecord elikhulu lokunqamula unyaka. "Inkosi mpela ngiyoke ngizwe. Uyabona nalona owalala wavuma esecula ethi impilo imnandi ngezitha, washesha wawucula lowo doti engakazazi kahle izitha ukuthi ziyinto enjani." Kukhala uNtencane.
"Ngizondiwe mina kakhulu hhayi kancane. Okubuhlungu kakhulu ukuthi ngizondelwa into engingayazi. Ngabe ngiyaligwinya itshe nakuba kunzima ukube zonke lezitha enginazo nginazo nje kodwa ngiyalazi icala. Yazi ngabe ngiyalivuma. Bafwethu kubuhlungu ukuzondwa namhlanje ngithi bonke abanezitha abangazazi ukuthi zibazondelani ngibafisela okuhle kodwa empilweni ngoba zinginethile mina izimvula ngingaphethe umbrella." Kusho yena.