Jovani, jovani impela bantu benkosi. Thina nje esithanda ibhola sithi phumani ngobuningi benu niyijova khona uhulumeni ezosivumela singene ezinkundleni. Ubona nje phesheya abalandeli abangajovile abavumelekile ukuthi bengene ezinkundleni and abangeni sdalo noma ungathatha izipopolo ubabuke bengena uzobona ukuthi ongesigxivizo somjovo engalweni akalubhadi estadium. Kusho yena umfoka Mpungose.
Ube eseyinyathela emsileni ke kwintatheli yezemidlalo edumile nenohlonze uma kuthintwa ezebhola ezweni lonke jikelele. "Kunomculi kaMaskandi oseqambe amanga amabi kabi watshela umhlaba wonke ukuthi e-England abalandeli abangeni ezinkundleni uma bengajovile. Nize nimtshele ukuthi ngithe abalandeli baseNgilande abaphoqiwe ukuthi bejove. Ukwenza isibonelo buka iqembu iChelsea ithi uma ungajovile ungalinge ungene enkundleni kodwa iManchester City ithi zonke phakathi ojovile nongajovile."
"Ze nimtshele ke ukuthi akayeke ukuhamba ekhuluma amanga koma SABC1 ekhohlisa abantu ethi ababukele emazweni aphesheya/ Akuphoqwe muntu phesheya futhi bayangena noma bengajovile ezinkundleni." Kuphetha le ntatheli. Lo mculi ukhulume lamazwi ese-FNB Stadium kukhona izikhulu eziningi zikahulumeni nezebhola emhlanganweni obekuhloswe ukugqugquzela ngawo abantu bakuleli ukuthi bephume ngobuningi beyojovela le nsizwa enamandla amakhuuuulu ubaba uKhovidi.