Balale bebeambe ongezansi abathandi bomculo kaMaskandi, ikakhulu laba abasonta eNazaretha noma kwaShembe. Inkosi yoMaskandi Igcokama elisha likhiphe i-CD cover yalo eveza ingaphandle nengaphakathi kanye nohlu lwezingoma.
Kunengoma engutrack 4, esihloko sithi 'Ngiwunyazi lweZulu'. Le ngoma yenze abathandi bomculo bazibuza ukuthi kazi uzothini umfoka Kuphosa kwenyathi ngayo ngoba abaningi bakholwa ukuthi uselahlekelwe inhlonipho uma esezibiza ngomuntu omkhulu.
"Kushukuthi nje lo mfana usephelelwe inhlonipho. Nakho nje ukuthi wazibiza ngeBhova kwakhomba ukweyisa kodwa sagcina sijwayele. Manje usezibiza ngoNkulunkulu uqobo lwakhe, akazibizi nangoShembe okungenani uthi uwuNyazi." Kusho Inhlalisuthi.
Abathandi bomculo wale nsizwa bathe asihlale silinde ngoba asazi ukuthi uthini umlayezo akafuna ukuwudlulisa. Kungenzeka into akazoyisho kungabi into edicilela phansi isithunzi senkosi yamaNazaretha ngoba siyamazi unabo ubuciko.
"Mina ngithi akanikwe ithuba siyizwe le ngoma yakhe bese siyamjaja ke uma sesibonile ukuthi ushaye udaka." Kusho uMaKhumalo ongumlandeli weGcokama eDUT. "Siyazi sonke ukuthi uthinte igama lomuntu omkhulu kodwa ake sithule silinde sizwe umlayezo wengoma ezophuma mhlaka 27 November."