UScebi odume kakhulu endimeni yomculo kaMaskandi ngeleNkosi yamagcokama ukhiphe elimnandi kakhulu icwecwe elisha elisihloko sithi 'Ride or Die'. Kule CD yeNkosi kufike kwanothiseka ukuthi 80% or ngaphezulu wezingoma zimayelana nothando.
Lokho kushiye abathandi bomculo bezibuza beziphendula mayelana nobudlelwano bale nsizwa nabesifazane. Zimnandi zonke izingoma zakhe kodwa iningi lazo zikhuluma ngothando, abesifazane nokunye okumbalwa.
Sizamile ukuyithola le nsizwa ukuze izokhuluma ngale album yayo ethandwa kangaka abantu ikakhulukazi abesifazane kodwa imatasa kakhulu kulezi nsuku njengoba ikhiphile nje kusamele iphushe umsebenzi wayo ukuze ufike ebantwini.
Kodwa umlandeli omkhulu wale nsizwa uSgegedo umfoka Dlomo eNkandla uthe ubona sengathi le nsizwa yagileka kakhulu kwezothando noma isondelene nabantu abagileke kakhulu. "Kuyizinsolo zami nje ukuthi ugilekile uScebi." Kusho uSgegedo.
"Okuqaphelekayo ukuthi uyazivamba blind ezothando and izona ezivame ukuthi zibe ngamahit ama-album akhe amaningi. Kungaba intokozo ukuthi nigcine nimtholile ake asitshele kafushane imfihlo yakhe nezingoma zothando."