Goto News >
Search..

Goto News
Likhuphuke ngamandla Igeza lakwaMgube

Konakele kakhulu kuloDecember ezindimeni zomculo kaMaskandi. Zikhiphile izinsizwa kubi. Ziyeza nezinye kusazomosheka kakhulu. Inkakha kwezomculo esineminyaka yafika endimeni kodwa ingoma eyidlalayo ngathi ifike izolo, Igeza lakwaMgube lisazobhimba kakhulu. Kwazisholo Igcokama.


Le nsizwa yakwaMaphumulo egqame kakhulu igijima neGcokama elisha kanye neChalaha kwi-album yoNdabuzekwayo ithe nize niyikhonzele kuMthandeni. Kusukela mhlaka 1 December kuzobe kuvambanise 'ihlo leskhova' nkalo zonke.

"Ngibingelele enhla nasezansi. Bafwethu lona okhulumayo inkosi yomtalabho Igeza lakwaMgube. Ngithi nje anginazise ukuthi sekuvele konakala ezindimeni zomculo ngoba mhlaka 1 ihlo leskhova lizobe ligcwele umhlaba wonke. Kubeka uMgube.


Ihawu ngilibhulile ngoba ngifuna bazi labafana ukuthi angilona ivaka mina. Uma usuthinte mina usuke usuthinte abokugcina ngoba angihlehli sdalo mina kunalokho ngiya phambili.


Ngixakwa ukuthi uhambe ememezela ethi wathenga uMaspala. Okay ngiyakuzwa kodwa ngifuna wazi mfana ukuthi ngineso mina lokubona umfana okhaliphile. Neclack card leyo owathenga ngayo uMaspala ngixakwa ukuthi inebalance ka R50."


Ubekile naye umfana omusha weGeza lakwaMgube wathi ufisa ukutshela uMaspala ukuthi sekukhonya yena manje kwezeGeza kanti futhi kusazomosheka kakhulu.