Insizwa eyasebenza kakhulu noMgqumeni umfoka Khumalo isebenza njengebody guard neyayingumngani omkhulu nale nsizwa eyayinekhono elimangazayo, nanamhlanje kusabatshazwa imsebenzi yayo ikhiphe elimnandi kakhulu icwecwe.
Abangani bakhe - Inkunzi umashundula. Lesi isihloko sale album okukholakala ukuthi izobanga namanye abhekiwe okuzobe kudliselwa ngawo emakhaya. Kunezingoma ezivuma kakhulu uma izinsizwa zihleli phansi zishaya ushameni.
"Uma sengithi ingoma eyaseNquthu ngisuke sengibakhumbuza abafana abancane ukuthi basebancane. Angeke futhi kushintshe lokho ngoba sabafica bekhona obaba abadala bafika obhuti bayibamba nathi safika sayibamba." Kusho uNgiga Ndlovu.
"Bafwethu umsebenzi wenu usukhona uma uwudinga ungaxhumana nezinduna zigcwele umhlaba wonke. Kulo msebenzi ngisebenze kahle kakhulu nomzala wami uJaiva Zimnike nezinsizwa eziningi kanye nomfwethu uMajimiza.
Sicela kube inina ke manje ngane zakwethu enidlala indima yenu. Ikakhulukazi sicela ukuzwa uvo lwenu ngalo msebenzi esiwenzele emabhozeni records. Nisazise uma kukhona la okushoda khona ukuze silungise. Inhloso yethu ukukhulisa lesi studio sethu mabhinca ukuze nabezayo beyofika becule.
Ziningi izingoma zidlulisa umlayezo owahlukahlukene. Uzozithathela eyakho nawe kodwa mina ngokwami akukhetheki laphayana uzidlala zonke nje."