Goto News >
Search..

Goto News
Zivunywe uSgabiso Ezechalaha

Uthathe isikhathi sakhe ngaphambi kokuthi adedele i-CD cover yakhe okulindeleke ukuthi iphume khona namuhla wahlaziya amacwecwe athe aphume ngale weekend esiphuma kuyona. Kuwona onke asephumile uye wabeka uvo lwakhe.


"Ngizothatha leli thuba ngike ngibheke amacwecwe aphumile ngale weekend bese ngidedela elami elizofike livale thaqa. Ngiyizwile Indlabeyiphika, kuhanjwe kakhulu kuleli cwecwe likaMthandeni umfoka Manqele ngeke ngimdlele umona." Kusho uSgabiso.


"Ngiphinde ngibheke ekaKhuzani Isipoki esingafi. Cha mfoka Mpungose muhle kakhulu umsebenzi wakho. Kanjalo neNkosi yamagcokama ngithi phambili ntwana yami muhle kakhulu umsebenzi wakho."

"Amagoso neQhude koMaskandi ezikaJaiva Zimnike ngisabezwe kancane kodwa engikuzwile ushukela wodwa. Abangani bakhe ngibezwile, ay bafana bakithi nilenyuse kakhulu izinga lengoma kulonyaka umona phansi."


"Ngokukhethekile bese ngibheka ezikaBhekihonga lapho kwezeChalaha. Ay bafwethu ngiphelelwa mandla mina. Lo  mjita uyakhula njalo unyaka nonyaka, ileading yakhe svuthwe tobo ngeke usayenza lutho. 


Angisayiphathi eyesound yakhona ihlangene thaqa. Muhle kakhulu umsebenzi wenu bafwethu niqhubeke njalo niyibambe lapho bayathokoza abantu ngomsebenzi wenu. Kukusizile mfokababa ukusebenza noThuthani umfoka Ndlovu lenyukile izinga.


Sesilinde umhlaka 4 nomhlaka 5 bese kuphuma iCheetah. Kulo December ngibona sengathi izinga lengoma lenyuke kakhulu. Ongathi lehlile izinga ngabe akasobuye ancome."